mandeni_logo22

Covid-19  |  POPI ACT – POPIA

Emergency Number : 087 285 1153

WhatsApp : 067 427 8636

IMISIBENZI IYABONAKALA EMANDENI

new posts

20 March 2024 – Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zomDabu, uBongiwe Sithole-Moloi, ebambisene nobuHoli bonke obungaphansi kwesiFunda Ilembe, bavakashele indawo yase Mandeni ngenhloso yokwethula izinhlelo zentuthuko edidiyelwe kanye nokuhlola ingqalasizinda.

Phakathi kwemisebenzi ehloliwe yaphinde yashawela ihlombe ngu ngqongqoshe, singabala iPhrojekthi yokufakwa kwamanzi endaweni yase Macambini, ihholo lomphakathi eWard 13 kanye ne Swimming Pool yase Mandeni.

Enkulumweni ka Meya wase Mandeni, ukhansela Thabani Mdlalose ngesikhathi salomcimbi, ubalule ukubaluleka kokuvakashelwa ngubuholi besifundazwe.

“Kusemqoka kakhulu ukuhlale kuvela uhulumeni wesifundazwe endaweni yakithi, lokhu kusiza ukuze sizibone siphinde sizikale ngokwegxathu esesilihambile ukulekelela abantu bakithi, kanti nobuholi besifundazwe buthola ithuba lokubona indawo yakithi nokubheka okunye abangasilekelela ngakho”

Ukubuyela emphakathini ngenhloso yokuletha izidingo kuwumsebenzi wansuku zonke eMandeni njengoba lo Masipala usaqhubeka nokwethula ama-phrojekthi ahlukene kanye nokuvula iminyango yawo kumalunga omphakathi adinga usizo lwalolonke uhlobo.

UMdlalose, uphinde waveza ukuthi konke okwenziwayo eMandeni kuyizimpendulo zezikhalazo kanye nemibono yamalunga omphakathi ngezikhathi zemjikelezo yemhlangano yentuthuko edidiyelwe.

“Lapha eMandeni asivele silethe intuthuko ngokucabanga kwethu, kepha sihambela onke amakhona silalele ukuthi yini edingwa abantu bakithi ngaphambi kokubalethela intuthuko. Yonke imsebenzi eyenziwayo ilena ecelwe ngabantu futhi ekhulumisana ngqo nezidingo zabo” kuqhuba uMeya.

Amahhovisi ka Masipala wase Mandeni ahlale evulelekile kuma lunga omphakathi, kanti ngemininingwane nganoma yini, umphakathi ungasheyala ku 0324568200, okanye uthumele umyalezo ku queries@mandeni.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *