mandeni_logo22

Covid-19  |  POPI ACT – POPIA

Emergency Number : 087 285 1153

WhatsApp : 067 427 8636

UMASIPALA WASE MANDENI NOHLELO LOKUPHUCULA IMIGWAQO

mandeni-post-16-aug-min

Mhlaka 27 kuNtulikazi, 2023, uMasipala wase Mandeni, wethule ngokusemthethweni izithuthi zokwenza umsebenzi wokuphucula imigwaqo yase Makhaya. Ukuthengwa nokwethulwa kwalezizinsiza kulande izikhalo zamalunga omphakathi ezindaweni ezahlukene ngesikhathi kunemijikelezo yemhlangano yentuthuko edidiyelwe. uMeya womkhandlu wase Mandeni, Ukhansela Thabani Mdlalose wethule inkulumo emfushane edlulisa kubantu ngokuphendula izikhalo zabo ngentuthuko ezayo emphakathi.

Enkulumweni yakhe, uMdlalose uveze ukuba lokhu abakwethula namhlanje kusakuncane, Umasipala kuningi okuhlelile ukwenza izimpilo zabantu zibelula.

“Siwumkhandlu wase Mandeni, siyibekile indlebe sezwa izikhalo zabantu emijikelezweni, njengamanje siyaqala siyaphendula njengokwethembisa kwethu. Ngalezi zithuthi kuzolunga yonke imigwaqo eyakhahlamezeka ngezimvula ezinkulu nebisigugile, futhi kuzovulwa neminye ezokwazi ukuthi kufinyeleleke nakwezinye izindawo lapho intuthuko ibingafinyeleli khona.”

Phakathi kwezinsiza ezintsha nezizoqala ukusebenza singabala lezi:

Ama-Tipper Truck Amathathu – azolekelela ukuhambisa inkwali kuzozonke izindawo lapho idingakala khona.

Water Tanker – ezolekelela uma kuqondiswa imigwaqo ngokuchela amanzi ukuthambisa umhlabathi ukuze okwenziwayo kube okuseqophelweni eliphezulu.

Grader – izosebenza ukugugula nokuqondisa imigwaqo kanye nokuvula izindlela zihlale zisesimweni esifanelekile.

Drum Roller – ezolekelela ukumbambatha umgwaqo uma ulungiswa.

Konke lokhu okungenhla kuzophucula kakhulu inhlalo yabantu bakithi kanye nokuqinisekisa ukuthi azikho izindawo okungafinyeleleki kuzo.