mandeni_logo22

Covid-19  |  POPI ACT – POPIA

Emergency Number : 087 285 1153

WhatsApp : 067 427 8636

SIBUYISA ISINTU EMNTWINI OMNYAMA

Mhlaka 25 KuMandulo, 2022, i-Brighton Shandu Entertainment ngokubambisana no Masipala wase Mandeni basingathe ngempumelelo umcimbi wokubungaza ubuntu bethu siyindlu emnyama owaziwa nge Sibuyisa Isintu Emtwini Omnyama obubanjelwe eMacambini, ku Ward 08.

Lomcimbi waminyaka yonke ubuthanyelwe yizihambeli eziningi esingabala kuzo uNdlunkulu wase Macambini, Umsakazi wo Khozi FM uTshatha Ngobe kanye nabaculi esingabala kubo uMalahle, uNtencane kanye no Jaiva Zimnike. uMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose wethule inkulumo yosuku watusa kakhulu ukubumbana nokubambisana kwamalunga omphakathi ekuqinisekiseni ukuthi ubuntu buyabuya ebantwini.

Enkulumweni yakhe ebheke emphakathini obuthamele lomcimbi, uMdlalose unxuse kakhulu ukuthi abantu babumbane kakhulu kunakuqala, bezigqaje ngabayikho baphinde balwisane nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane.

“Sisesikhathini lapho sihlaselwa khona izihlava eziningi, esingabala kuzo izidakamizwa Kanye nokubulawa kwabantu besifazane. Ngiyacela kakhulu ukuthi sibambane silwisane nalezizihlava”

UMeya uphinde watusa kakhulu ubukhona bezintombi zomhlanga njengengxenye yalomcimbi.

“Ngiyajabula ukubona izintombi zomhlanga ziyingxenye yalomcimbi, kuyisibusiso ubukhona kwenu lapha zimbali zesizwe. Ngyacela ukuba singagcini ngokukhulisa nokufundisa izintombi nje kuphela kodwa nama bhawoti siwaqinise nasezinganeni zabafana ngoba yizo ezizoganwa ilezingane” kuqhuba uMeya.

Umcimbi we Sibuyisa Isintu Emntwini Omnyama usungulwe ngonyaka owedlule ngu Brighton Shandu, nokwaba umbono owamukeleka ngezandla ezifudumele kwa Masipala wase Mandeni nokwenza ukuba uqhubeke uxhaswe nakulonyaka kuphinde kuzanywe imizamo yokuthi ube umcimbi waminyaka yonke.

Lomcimbi udlala indima enkulu ekufukuleni osomabhizinisi abancane base Mandeni, ababolekisa ngemvunulo, abadayisa ukudla okusheshayo ngesikhathi somcimbi, amaciko endawo Kanye nezitolo ezakhele indawo lapho osingathelwa khona.

ESITHOMBENI: ngu Meya wase Mandeni ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi.