MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

15 JANUARY 2025

UMeya womkhandlu ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, uhole ithimba ebelihambela izikole ezahlukene ezenze kahle ngokwem’phumela yezivivinyo zika matikuletsheni zonyaka ka 2025.

Phakathi kwezikole ezihanjelwe, singabala iMathubesizwe High School, ekhiqize umfundi ophume endaweni yokuqala esifundeni iLembe, waphuma endaweni yesishiyagalombili esifundazweni waba sendaweni yesithathu ezweni lonke ohlwini lwezikole eziku quantile 3 u-Senamile Thabethe nesikole esithole u 100%, Ingobamakhosi High School.

Enkulumweni yakhe, uMdlalose ubonge zonke izikole ngokuzimisela kwazo kanye nokudlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi ikusasa lesizwe liqhakazile.

“Siyabonga kakhulu ngomsebenzi owenziwa othisha ezikoleni ezingaphansi kuka Masipala wase Mandeni. Izithelo zomsebenzi eniwenzayo ziyabonakala. Siyathemba ukuthi nakulonyaka umsebenzi omuhle uzoqhubeka” kuqhuba uMeya.

“Kuyasijabulisa ukubona kwanda ukuqhudelana ngemfundo nangokwenzakahle ezikoleni zase-Mandeni, indlela othisha, abafundi kanye nabazali abafaka ngakhona inselelo yokwenzakahle, kuyakhombisa ukuthi sonke sizimisele ngokwakha isizwe esikwaziyo ukuzimela nokuphucula izimo zasemakhaya esiphuma kuwona”

Ngosuku lwesibili, UMeya womkhandlu ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uqhubekile nomkhankaso wokuhambela izikole ezenze kahle ngokwemiphumela yezivivinyo zika Matikuletsheni ngonyaka ka 2025 ngokuvakashela isikole iSiyavikelwa High School ngenhloso yokubagqugquzela nokubancoma ngomsebenzi omuhle, lesisikole bekungokokuqala ukuthi sibe no Matric kanti bakwazile ukuthola u-94.2%.

Njengengxenye yokwenzekile osukwini, kuvakashelwe isikole iTugela Secondary School ngenhloso yokuzobungaza impumelelo yomfundi u-Olwethu Dladla obaqwaqwade amakhanda esufundweni se Maths esifundeni iLembe, waphuma isibili esigabeni sika-zwelonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *