
Mhlaka 31 January 2026, UMasipala wase Mandeni, usingathe ngempumelelo umcimbi wama-Matric Excellence Awards, eSibusisiwe Hall. Lomcimbi bekuhloswe ngawo ukuchoma uphaphe lwegwalagwala labo abenze kahle ngesikhathi sezivivinyo zika matikuletsheni ngonyaka ka-2025.
Phakathi kwalabo abebeyingxenye yalomcimbi singabala, abahloli emnyangweni wezemfundo besifunda iLembe, othisha bezikole ezahlukene, amakhansela, abazali bezingane ezenze kahle ku matikuletsheni, abafundi, kanye nezinhlangano ezahlukene ezisebenza ngokuqinisekisa ukuthi ezemfundo zisezingeni elifanele eMandeni nabaxhasi esingabala kubo abakwa SAPPI, SASOL no MTN.
Nalu uhlu lwabafundi abayingxenye ye top-ten eMandeni:
1) Senamile Thabethe
2) Olwethu Dladla
3) Aphiwe Nsele
4) Fanele Mngadi
5) Siphokazi Dube
6) Sihle Mbonambi
7) Mcebisi Zibani
8) Thembeka Tembe
9) Siyanda Zulu
10) Jenade Zungu
Nantu uhlu lwezikole eziphume phambili:
1) Ingobamakhosi Secondary School – 100%
2) Mthengeni High School – 97.2%
3) Ndondakusuka Secondary School – 96.4%
4) Mandini Academy – 94.6%
5) Nkwenkwezi Secondary School – 94.4%
6) Siyavikelwa Secondary School – 94.2%
7) Impoqabulungu Secondary School – 94.1%
8) Thukela Secondary School – 93.1%
9) Inkosi KW Mathaba Technical School – 92.8%
10) Matigulu High School & Tugela Secondary School – 92.6%
Abafundi abenzekahle bahlomule ngama laptops, registration fee bursaries, awards, tablets nokunye okuningi kokulekelela ukuthi ukufunda kwabo ezikhungweni zemfundo ephakeme kube lula. Zonke izikole zihlinzekwe ngamaphepha okulekelela ukuthi usiko lokufunda nokufundisa luqhubeke ngendlela efanele.
ALL THE PHOTOS FROM THE EVENT: https://drive.google.com/drive/folders/1ZJmPwuOIC1zDbS81gra-YEHk-sw9tptC?usp=drive_link