MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

Mhlaka 04 KuLwezi 2025, kuqopheke umlando ngaphansi kuka Masipala wase Mandeni ngesikhathi ungqongqoshe wezokuthutha nokuhlaliswa kwabantu uMnu. Siboniso Duma, ehambisana no Meya wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose bevula ngokusemthethweni isikhungo sezincwadi zokushayela lapho amalunga omphakathi ezokwazi ukwenza khona izincwadi zokushayela, ama-learners license, ukukhokha izinhlawulo, ukuthelela izimoto nokunye okuningi okutholakala esikhungweni esifuze lesi.

Umcimbi wokuvulwa kwalesisikhungo, ubuhanjelwe amalunga omphakathi, amakhansela kanye nabaholi abahlukene ezinhlakeni zika hulumeni nobuholi bomdabu.

Ethula inkulumo yakhe, uMeya wase Mandeni, ubonge ukubambisana phakathi kuka hulumeni wesifundazwe no Masipala, ekubalula njengo khiye wokuqinisekisa ukuthi umphakathi uhinzekwa ngezidingo ezifanele.

“Ngaphandle kokusebenza ngokubambisana, ngabe asikho lapha, ukubambisana kwethu kuqinisekisa ukuthi okufanele umphakathi wakithi kuyafinyelela ezandleni zawo. Ngokuvulwa nje kwalesisikhungo, kuzodaleka amathuba emisebenzi eyahlukene, ngisho emboneni yezokuthutha sekunomsebenzi wokuletha abantu kulesisikhungo, omama abaziphilisa ngokudayisa sebenemakethe, abaqaphi abazogada isikhungo, abasebenzi abazobe bengaphakathi namanye amathuba azovela kuqhutshekwa kusetshenzwa”

UMdlalose, uphinde waqhuba ngokuthi ukwakhiwa kwalesisikhungo, kuyimpendulo esikhalazweni samalunga omphakathi.

“Njengoba sihlale sivakashela izindawo ezahlukene ngezikhathi zemijikelezo yemhlangano yentuthuko edidiyelwe, siyayesithathe okushiwo umphakathi, sikubuyekeze sibheke nezindlela esingenza ngazo ukuze sikufezekise. uMphakathi ukhale kakhulu ngokwentuleka kwezinye zezidingo ebezihlinzekwa isikhungo ebesinaso kanye nobuncane baso. Njengamanje kuzophela ukuhamba amabanga amade nokubheka izindawo zokulala ukuze abantu bakithi basondelele koHluhluwe noMpumalanga ngenhloso yokuthola izincwadi, konke sebezokwenza khona lapha ekhaya” Kubeka uMdlalose.

“Ziningi ezinye izinhlelo zentuthuko esinazo ukuqinisekisa ukuthi siyalalela siphinde siphendule ngokwenza lokho okucelwa umphakathi” kusonga uMdlalose.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *