MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

UMasipala wase Mandeni ubungaze inyanga ka July, nokuyinyanga yamadoda ngokubuyela emphakathini kanye nokuhlonipha iqhaza Labantu besilisa emphakathini kanye nalabo abangabasebenzi bomkhandlu. Lenyanga, kuphinde kube inyanga okuzalwa ngayo uMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose. Nanka amazwibela okwenzekile kulenyanga.

31 AUGUST 2024 – UMasipala ube nesigcawu samadoda lapho abasebenzi besilisa bebelulekwa khona ngokuziphatha. Lapha, kuphinde kwaba nethuba lokuthi amadoda ebhunge ngezinto ezithinta wona ngqo. Lomcimbi ube impumelelo njengoba ukwazile ukunikeza amadoda ithuba lokuthi ethole ukuphumula kanye nokwazana kancono njengaba sebenzi bomkhandlu aphinde akhe ubudlelwano.

30 JULY 2024 – Amakhansela ka Masipala wase Mandeni abenohambo lokuyohlola umsebenzi wokuphuculwa kwendawo engenela ema lokshini ase Sundumbili. Lomsebenzi uyingxenye yeminye eqhubekayo ngaphansi kwalo Masipala okuhloswe ngayo ukuphucula iMandeni, esingabala kuyo imigwaqo, izakhiwo zomkhandlu, ukwakhiwa kwezindlu, ukufakwa kuka gesi nokunye okuningi okuqhubekayo ngaphansi kuka lo Masipala.

28 JULY 2024 – UMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uvakashele isonto,  i-AFM Covenant of Grace (KwaKhaba) eMacambini ku Ward 09. Lapha, uMeya unikele ngo simende ukulekelela ukuphothulwa kokwakhiwa kwendlu yalelibandla waphinde waba ingxenye yenkonzo yosuku.

26 JULY 2024 – uMasipala wase Mandeni uchome uphaphe lwegwalagwala ilunga le Executive Committe, uKhansela MS. Mdunge obesebenzele umkhandlu ngokuzikhandla iminyaka engu 28. UKhansela Mdunge usethatha umhlalaphansi, ushiya amakhansela, abasebenzi kanye nomphakathi abesephenduke kuwo umthombo wolwazi kanye nenqolobane yomlando wase Mandeni. UKhansela Mdunge uqale ukuba ingxenye yomkhandlu wase Mandeni ngonyaka ka 1996.

25 JULY 2024 – Ihhovisi lika Ndunankulu we sifundazwe i-KwaZulu Natal libe nesigcawu sokucobelela amakhansela ase Mandeni ngolwazi lokuziphatha kwabahlonishwa. Lesisigcawu singezinye zezindlela uMasipala wase Mandeni onxenxa ngayo izinhlaka ezahlukene ukuletha ulwazi olusemqoka oluzolekelela ukuqhuba usiko lokusebenzela umphakathi ngendlela.

24 JULY 2024 – UMasipala wase Mandeni unikeze izitifiketi abafundi abebeyingxenye ye Computer Literacy Programme eholwa uphiko lwezemitapo yolwazi ngaphansi kwalo Masipala. Inhloso yaloluhlelo ukuqinisekisa ukuthi abafundi basema ‘High School’ bafika emanyivezi sebekwazi ukusebenzisa i-computer. Umcimbi wokubanikeza izitifiketi ububanjelwe eSibusisiwe Hall.

23 JULY 2024 – UMasipala wase Mandeni ubambe umhlangano ophuthumayo no Masipala we Sifunda iLembe, okungumasipala ohlinzeka ngamanzi eMandeni nakubona bonke oMasipala abangaphansi kwawo. Inhloso yalomhlangano bekuwukuthola isisombululo senkinga yokuphakwa kwamanzi eMandeni ikakhulukazi endaweni yase Macambini nosekuholele ekubhebhethekeni kwesihlava sokuvalwa kwemigwaqo ngenhloso yokuzwakalisa ulaka lwamalunga omphakathi.

19 JULY 2024 – UMeya ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose ube nesidlo sasekuseni nabaholi bamabandla ahlukene ngenhloso yokubabonga ngeqhaza abalidlalayo ekugcineni iMandeni inokuthula kanye nokubasondeza ukuze beqonde kancono ngokusebenza kuka Masipala. Lokhu kungenye yezindlela zika Masipala zokuqinisekisa ukuthi ulwazi olufanele oluthinta izimpilo zabantu luyafinyelela emphakathini njengoba amabandla ehleze enethuba lokuxhumana nomphakathi.

18 JULY 2024 – UMasipala wase Mandeni ubungaze usuku lwe Nelson Mandela Day ngokufaka isandla ekulungisweni kwe Nkululeko Crech eWard 09. Lokhu kwenziwe ngokubambisana nethimba lase Umngeni Water. Njengengxenye yokwenzekile osukwini, kuphinde kwanikelwa kulenkulisa ngesitofu, iThangwe, amathoyizi, izingubo nokunye okuningi.

17 JULY 2024 – Kube usuku oluhle ngesikhathi uMeya womkhandlu wase Mandeni uKhansela Thabani Mdlalose eqhubeka nokubungaza usuku lwakhe lokuzalwa nabantu abadala eShekembuya ngaphansi kuka Ward 11. Lapha. UMeya udlulisele izipho waphinde wadlulisela inkulumo yakhe ebihlobe ngentuthuko ezolethwa kulendawo kanye nezinhlelo ezimelele ukuphucula impilo yabantu abadala ezifana na.a indigent initiatives nokunye okuningi.

15 JULY 2024 – Umeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose ubungaze usuku lokuzalwa kwakhe ngokunikela ngezinsiza kusebenza endaweni yokucwala izinwele eWard 08.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *